Lazi igama lami , livre ebook

icon

42

pages

icon

Zulu

icon

Ebooks

2021

icon jeton

Vous pourrez modifier la taille du texte de cet ouvrage

Lire un extrait
Lire un extrait

Obtenez un accès à la bibliothèque pour le consulter en ligne En savoir plus

Découvre YouScribe en t'inscrivant gratuitement

Je m'inscris

Découvre YouScribe en t'inscrivant gratuitement

Je m'inscris
icon

42

pages

icon

Zulu

icon

Ebooks

2021

icon jeton

Vous pourrez modifier la taille du texte de cet ouvrage

Lire un extrait
Lire un extrait

Obtenez un accès à la bibliothèque pour le consulter en ligne En savoir plus

uRorisang newele lakhe uMorena abakholwa ukuthi bazoshintsha baye kusikole esisha. Isikole esidala besikahle, siseduze nekhaya ngaphesheya komgwaqo. Bebaziwa ngabantu bendawo. Manje bazokwenzenjani uma behluleka ukuthola abangane abasha, noma belahleka phakathi kwesixuku sabantu abangabazi? Kungekudala amawele azobhekana nazo zonke izinkinga nenselelo yokuthola amatalente amasha. uRorisang uzokhona yini ukuthola izwi lakhe ukuze abonakale endaweni entsha?
Voir icon arrow

Date de parution

07 septembre 2021

Nombre de lectures

2

EAN13

9781776250875

Langue

Zulu

Poids de l'ouvrage

1 Mo

Pan Macmillan Children’s Books
www.panmacmillan.co.za


AMAGAMA ABANTU AKULE NDABA NOKUTHI ASHO UKUTHINI
Alicia : Isithunzi
Anusha : Ubuhle basekuseni
Aviwe : Bezwakele
Ayesha : Isingqayingqayi
Banzi : Banzi
Caster : Ibhiva
Evan : Inkosi inomusa
Evelyn : Impilo
Isla : Isiqhingi
Jacob : Ukulandela
Leila : Ubusuku
Lerato : Uthando
Ludo : Ukukhanya
Matthew : Isipho seNkosi
Morena : Inkosi
Noelene : UKhisimusi
Pravesh : Ukungena
Ratu (Moratuwa) : Sithandwa sami
Rorisang : Dumisani
Sibusiso : Isibusiso
Solomzi : Iso lomuzi
Takalani : Jabula
Thato : Intando
Yolisa : Jabulisa
Yusuf : Chuma


Chapter 1
Ukushintsha isikole
Usuku lokugcina lonyaka esikoleni eParkwood Primary. Uthishanhloko wethu, uMnumzane Pope, uhlekisa wonke umuntu ku-assembly. Uyathanda ukwenza amahlaya.
Uqala ngokunikeza izitifiketi kulezo zingane ezenze kahle emsebenzini wesikole, nakwezemidlalo namasiko, onyakeni edlule. Lapho bonke sebebuyele ezindaweni zabo uzwakala ethi: ‘Manjena sekuzobakhona imiklomelo engajwayelekile yokuqala amaholide kaDisemba ngohleko. uMnumzane Pope esasesiteji ngemuva kwePodium uyamemezela ensinsitheka: ‘Umklomelo wokucishe ufike kodwa ungafiki esikoleni ngesikhathi uya kuRorisang noMorena “Mo” Ngam!’
Amahlaya akhe kulo nyaka abengathi – thina mawele akwaNgam – ebesisebenzisa insimbi yesikole njengewashi lasekuseni. Lokhu kuyamhlekisa njalo nje, ikakhulukazi kuBaba. Phela thina sihlala ngaphambi kwesikole. Siloko saqala ukuya kulesi sikole sineminyaka emithathu, noBaba wayesifukula uma esihambisa esikoleni.
Wonke umuntu uyazi ngamawele akwaNgam. Sinokuduma nje. Lapho sifika ekhaya ngaleyo ntambama, ngitshela uMama noBaba ngomklomelo esiwutholile. Umama akajabulile. ‘Rorisang, wena nomfowenu aninandaba nesikole. Nanelisekile nje,’ kusho uMama. Bese ejika abuke uBaba. ‘Nawe Banzi. Senijwayelene kakhulu naleya ndoda awusaboni nokuthi ucabanga ukuthi yonke into iyihlaya.

UBaba noMnumzane Pope bangabangane abakhulu – sebejwayelene ngendlela nathi esingasayithandi. UBaba wabona uMnumzane Pope egqoke ijezi leKaizer Chiefs kanye nje ngelanga lama-civvies kusobala ke ukuthi yikho lokho okwaphemba ubungane. Bekusixaka ukuhlangana noBaba izikhashana esikoleni, ngicabange ukuthi mhlawumbe kukhona engikwenzile – kanti cha ‘ubexoxa nje’ no uMnumzane Pope. Ingabe bakhuluma ngani? Okusempeleni akukho okungako abangakhuluma ngako ngaphandle kwebhola.
‘Kwanele manje,’ kusho uMama. Minyaka yonke ubehlala ethi uzosihambisa kwesinye isikole. Kulokhu uzwakala eqinisile.
Mina noMo silokhu samphikisa.
‘Kodwa Mama, sijabulile lapha!’ ngimncenga.
‘Awuchithi mali kaphethiloli, Mama, ngoba sihamba ngezinyawo ukuya esikoleni.’
‘Sinabangane abaningi, Mama, siyaziwa!’ kusho mina.
‘Okusempeleni sengathi seniyihlazo, Rorisang.’ ephendula. ‘Akuyona into enhle ukuthi uthishanhloko enze amahlaya ngani, okubi kakhulu futhi ukuthi kuhlala nje kukhona angahlekisa ngakho ngani.’ Agoqe izandla zakhe asibukisise. Athi: ‘iParkwood ifana nezicathulo ezindala. Siqinile, siyanuka futhi siyashelela ngoba irabha yangaphansi kwaso isigugile. Okunoma uvule imbobo ukuze uzwane olukhulu lukwazi ukulingana, kungcono uthole izicathulo ezintsha.’
Kuyacaca ukuthi uMama usesithathile isinqumo. Usuku lokugcina lonyaka esikoleni, futhi bekuwusuku lwethu lokugcina ukufunda eParkwood Primary.
Okumile ukuthi, siyasishintsha isikole.


Chapter 2
Indlela eya e-The Cradle
Amaholide kaDisemba akabange esaba mnandi emuva kokuzwa ukuthi sishintsha isikole. Njalo uma ngivuka ekuseni kusonteka amathumbu. Ngisho nangoKhisimusi imbala. Nanoma sengivakashele abazala bami. Ngisho nangezinsuku engizichitha nomngani wami omkhulu, uThato – kuvele kufane nje.
Ngosuku lwethu lokuqala esikoleni esisha, uvalo lwalungaphezu kokwenza.
‘Unyaka omusha, ukuqala kwezinto ezintsha,’ kusho uMama emotweni endleleni eya esikoleni.
Mina noMo sisakhononda.
IThe Cradle kwakuyisikole sasemapulazini, ngakho-ke ithe ukuphuma kancane edolobheni. Isabukeka njengesakhiwo sasepulazini esinophahla oluyisicaba. Ngaphambi nje kokuthi singene esangweni lesikole kunendawana lapho kuphela khona umgwaqo wetiyela bese sifika emgwaqeni wegrabeli. Umsindo owenziwa ngamathaya emoto ungikhumbuza ngohambo lwethu lokuya kwaGogo e-Mpuma Koloni.
UNkosikazi Maake, uthishanhloko, uhlangana nathi e-foyer yehhovisi lesikole. Unama-dreadlocks amade kunawo wonke engake ngawabona empilweni yami, uyaweluka awabhekise emuva abe made alingane nomhlane wakhe. Ubukeka njengomculi ngaphezu kokubukeka njengothishanhloko.
Usiholela ehholo lesikole ehamba esibonisa isikole sonke.
Usitshela ukuthi ‘kunamaKhaya amathathu eThe Cradle. ITerra, i-Aqua kanye ne-Ignis. Nina nobabili nginifake e-Ignis.’

Izindonga ezisizungezile zipendwe ngemibala yamaKhaya: umhlaba onsundu weTerra, oluhlaza njengamanzi we-Aqua nosawolintshi njengomlilo we-Ignis.
‘Mkhulu umncintiswano phakathi kwaMakhaya,’ kuqhubeka UNkosikazi Maake. ‘Amaphoyinti anikezelwa ubuhle, kanti futhi kungenzeka amaphoyinti ehliswe. Amaphoyinti angehliselwa, ngokuthi mhlawumbe, kube khona ofika sesishayile isikhathi ekuseni.’ Usho lokho nje, yena nomama bayabukana.
Amathumbu asaqhubeka nokusonteka, uvalo. Ngiyazibuza nje ukuthi ngabe kuyokwenzeka yini ukuthi ngibe nabangane lapha. Kuyokwenzekani uma wonke umuntu esevele eno-bestie wakhe? Mina noThato besingabangani kusukela kugrade-1. Siyazana kakhulu! Sithanda umculo ofanayo, sigqoka izingubo ezifanayo, senza amahlaya afanayo – siyatholana.

UNkosikazi Maake usitshela kabanzi ngeThe Cradle kwaze kwafika isikhathi sokuthi asishiye eklasini leKhaya lethu. Uthisha wethu, uNkosazana Khozi, ubukeka emncane – unjengosisi wethu omdala nje. Ubukeka ezilungele, kwaze kwafika lapho ebukisa ngathi singakahlali naphansi.
‘Hlalani phansi, hlalani phansi, nonke! Kukhona abantu abasha phakathi kwethu,’ kumemezela uNkosazana Khozi, esiqhwebela ngakuye. ‘Ngicela nize ngaphambili nizozazisa.’
Ngizoqala, yize ngingazi ukuthi kufanele ngithini uma ngicelwa ukuthi ngizazise.
‘Igama lami nguRorisang, kodwa ningangibiza ngoRori,’ kusho mina. ‘Futhi ngiyiwele.’ Ngokujwayelekile abantu babona ukuba yiwele kuthandeka.
‘Rorisaaaaaaaang!’ kucula uNkosazana Khozi.

Voir icon more
Alternate Text