Elikabani Leli Phutha? , livre ebook

icon

395

pages

icon

Zulu

icon

Ebooks

2019

Écrit par

Publié par

Lire un extrait
Lire un extrait

Obtenez un accès à la bibliothèque pour le consulter en ligne En savoir plus

Découvre YouScribe en t'inscrivant gratuitement

Je m'inscris

Découvre YouScribe en t'inscrivant gratuitement

Je m'inscris
icon

395

pages

icon

Zulu

icon

Ebooks

2019

Lire un extrait
Lire un extrait

Obtenez un accès à la bibliothèque pour le consulter en ligne En savoir plus

He having witnessed many shocking incidents while working at different institutions with different people, the author indirectly discloses some of the incidents that are planned and executed by enemies of education. For example, it is not a myth that teachers do indirectly and directly fight for senior positions. Owing to these conflicts some die, while casualties remain with big scars for the rest of their lives. This drama is very important to teachers who are facing similar trials at their schools. It alerts future principals about certain challenges awaiting them. Student teachers at universities have an opportunity of knowing more about the career path they have chosen so that they prepare for the worse in the future. Parents have an opportunity of knowing more about challenges facing children, teachers, principals, district officials and other stake-holders. Even armchair critics will understand the situation better when they see GG cars moving to and from schools on daily basis.
Voir icon arrow

Publié par

Date de parution

04 juillet 2019

Nombre de lectures

11

EAN13

9781928538264

Langue

Zulu

Poids de l'ouvrage

5 Mo

Elikabani Leli Phutha?
Umdlalo womsakazo obhalelwe ukufundwa nje Ubhalwe nguSipho Albert Ntombela
RRRRRR RRRRRRR 0
Elikabani Leli Phutha? (Whose fault is this?)
RRRRRRRRR 1 RRRRRRRR
Isandulelo
Kuvamile ukuthi amalunga omphakathi agxeke kalula nje izindlela izikole ezilawulwa ngazo, imiphumela yabafundi engagculisi, ikakhulu eyebanga le-12. Ambalwa amalunga omphakathi azihlupha ngokuthi kuphilwa nhloboni yempilo ezikoleni nokuthi yiziphi izingqinamba ezibhekene nothisha, oThishanhloko kanye nabaHloli. Kuliqiniso elingephikiswe ukuthi njengoba abafundi nothisha bevela emiphakathini eyahlukene futhi benemibono engefani, kuyohlala kukhona ukunyathelana amakhona lapho kusetshenzwa.
Ngalo mdlalo ngihlose ukuvezela amalunga omphakathi ezinye zezinto ezethusayo ezenzeka ezikoleni, zenziwa ngenhloso ngabathile abasuke befuna ukuzuza okuthile. Isibonelo, kuliqiniso ukuthi izikhundla ziyabangwa ezikoleni. Uma kubangwa izikhundla kuyavama ukuthi kuthinteke ngandlela thize othisha, abafundi abazali kanye namalunga omphakathi. Kuyadabukisa nokho ukusho ukuthi phakathi kothisha abathelwa ngamachaphazela alezo zimo, abanye bayaye bakhethe ukuzishiya izikole abasebenza kuzo. Ngokuvamile othisha abaye bashiye kuqala yilabo izikole ezeyeme kubo kakhulu ngezindlela ezahlukene. Abanye balabo abalinda amathonsi abanzi baphenduka izinkubela kokunye bafe, kwande abafelokazi, abafelwa nezintandane. Abaningi abasinda lapho basala nezibazi ezihlala zibakhumbuza emuva impilo yabo yonke. Uma imibango yothisha kungabhekanwa nayo ngobuhlakani, izikole ziyohlala zingalawuleki, nokuholela ezinkingeni eziningi.
Nakuba lo mdlalo ugxile ezintweni ezimbi kodwa ubuye uthinte nalezo ezinhle ezenziwa lapho kuzanywa ukubuyisela isimo kwesejwayelekile okungasikwa kuzo iphethini lapho kuxazululwa ezinye zezinkinga ezikhona ezikoleni. Kuyobe ifezekile inhloso yami ngalo mdlalo uma abafundi bawo bengacabanga bejule ngemikhuba emibi eyenza ukuthi ezinye zezikole zingalawuleki. Imibuzo elandelayo kanye neminye efikela abafundi balo mdlalo ingelekelela ekuthungatheni izixazululo okuyizonazona: Yini imbangela yalezi zinkinga? Sikhona yini isidingo salezi zinkinga? Kumele kwenziweni ukunqanda lezi zinkinga? Ngubani okumele eze nezixazululo?
Lo mdlalo ususelwe ezigamekweni ezake zenzeka kubantu abehlukene engake ngasebenza nabo esikhathini esedlule. Ukuze indaba engiyixoxa ngalo mdlalo ingabi ngumlando, umdlalo RRRRRRRRRRR2 RRRRRRRR
ngiwuhlele waba namazinga esakhiwo okuyisingeniso, udweshu, isixakaxaka, uvuthondaba nesiphetho. Lokhu ngikwenze ngokwethekela ezigamekweni eziningi engazibona bukhoma zenziwa ngabathile engake ngasebenza nabo bezenza kwabanye. Nakuba isizinda salo mdlalo ngizakhele sona kodwa ngiye ngaphoqeleka ukuba ngisebenzise amagama ezindawo ezaziwayo ukuze umdlalo ungazwakali njengenganekwane. Ngazi kahle kamhlophe ukuthi lokhu kungavusa uhlevane kwabathile lapho izindawo abahlala kuzo zithinteka ezigamekweni ezingamahlazo. Iqiniso ngukuthi noma ngabe angisebenzisanga izindawo engizisebenzisile, bengizosebenzisa ezinye nazo abantu abathile abavela kuzo abebengeke bakuthokozele nabo. Ngaleyo ndlela bengingenakukugwema ukusebenzisa amagama ezindawo ezikhona ngempela ukuveza izimo ezithile. Kulabo okulumelayo kubo ngithi yobe, inhloso enkulu ukwedlulisa umlayezo. Ngaphezu kwalokho lona ngumdlalo nje. Ngisho amagama nezibongo zabadlali bami ngizakhele, akuwona abantu abake baphila ngempela.
Lo mdlalo ngiwubona ubaluleke kakhulu kulabo abavele sebengothisha, okumanje ezikoleni abasebenza kuzo baxakwe yizimo ezicishe zifane nalezi ezenzeka kulo mdlalo. Labo abafisa ukuba ngabaphathi esikhathini esizayo banethuba eliyingqayizivele lokusika iphethini. Labo abafisa ukuba ngothisha abasesezikhungweni zemfundo ephakeme nalabo abasesezikoleni bathola ithuba lokwazi izinkinga ezikulo mkhakha, baye ezikoleni sebezilungiselele ukuthi bazobhekana kanjani nazo. Ngisho abazali baba nethuba lokubona impilo nezinselelo ezibhekene nabafundi, othisha, oThishanhloko, abaHloli, nabanye abathintekayo emkhakheni wezemfundo. Nongqevudekle kuzothi lapho bebona izimoto zombuso zehla zenyuka, ziya ziphindelela ezikoleni ezithile bazi ukuthi akungoba kumoshwa imali yabakhokhi bentela kodwa kunezizathu ezinqala ezidala ukuthi izimoto zoMbuso zehle zenyuka.
 Sipho Albert Ntombela
RRRRRRRRR3R
Amazwi okubonga
Lo mdlalo bekuyoba ngumqansa ukuwubhala ukube angibanga nenhlanhla yokuthola ithuba lokuba nguthisha nokuhlangana nabantu abehlukahlukene endimeni yezemfundo, ikakhulukazi laba abalandelayo:
Ngibonga uMnu. Stanely Langalakhe Nkosi (uMhloli weSekethe wangesikhathi ngiqala ukufundisa) ngokunginikeza ithula eliyingqayizivele lokuthi nami ngibe ngomunye walabo ababa nenhlanhla yokuyongeniswa ekilasini bafundiswe kabanzi ngomsebenzi we-HODesikoleni. Lolo kwakuwuhlelo lokuqeqesha othisha abancane ababenezimpawu zobuholi ngenhloso yokuthi baphathe izikole esikhathini esizayo. Abaxhasi nabaqeqeshi kwakuyi-Department of Eduction and Training(DET) e-Vryheid Region.
Kuningi engakufunda okuphathelene nokuphathwa kwezikole kuMnu. Mxolisi Charles Seme (uThishanhloko wami wokuqala ongasekho emhlabeni), kuMnu. Qondizwi Johannes Khanyile (uThishanhloko wami wesibili) nakuMnu. Ben Mokoena (uThishanhloko wami wesithathu). Ngiye ngacaphuna lapha nalaphaya ezinkulumweni zabo ababezenza ngenhloso yokukhuthaza othisha.
Amanye amahlaya akulo mdlalo ngiwatomule kulawo amaningi engihlale ngiwezwa kubangani bami uMnu. Nqobile Victor Zungu kanye noMnu. Siphiwe Alfred Ndebele nakothisha engasebenza nabo ezikoleni ezilandelayo: eQhudeni Public School eseNkandla, eMgazi Public School eseNquthu, eLerato-Uthando High School eseHarrismith naseHeritage Combined School eseHarrismith kanye nakothisha besiZulu engasebenza nabo eFezile Dabi District naseLejweleputswa District e-Free State nginguMeluleki wabo wesiZulu.
Ukusebenza kwami eFezile Dabi District kwangenza ngafunda okuningi emihlanganweni yokubonisana (workshops) yesiFundazwe (Province) neye-District. Okunye kwakho yilokhu: Conflict Management Skills, Basic Counselling Skills,Facilitation Skills kanye ne-Team building Skills. I-Education Labour Relations (ELRC)handbook for teachers, policy eyayinikezwa bonke othisha eFree State, kumbandakanya labo ababesebenza ema-District, yangivula amehlo ezintweni eziningi eziphathelene nomsebenzi wobuthisha.
RRRRRRRRRRR 4
Ngingelibale o-Directorkanye nabaHloli baseFezile Dabi District engafunda kubo okuningi ngezindlela zokuphathwa nokulawulwa kwezikole, ikakhulukazi uMnu. Sefako Motloung esasivame ukuhlala sixoxe kabanzi ngezinkinga ezisezikoleni kanye namasu okubhekana nazo.
Ngingelibale ukubonga oThishanhloko, amaSekela-Thishanhloko kanye nama-HODezikole engangizihambela ngisenguMeluleki wothisha besiZulu eFezile Dabi District naseLejweleputswa District. Kuningi engakufunda kubo. Isibonelo, umbhalo omayelana nesivinini semoto esiyingozi kubashayeli, ungeminye yemibhalo engangithi uma ngihambele ezikoleni zabo ngiyibone ilengiswe ezi-staffroomnasemahhovisi maqede ngifunde okuthile kuyona.
Kinina nonke ngithi ukwanda kwaliwa ngumthakathi.
RRRRRRRR RRR5R RRRRRRRRRRRRRR
Okuqukethwe Ikhasi Isiqephu 1…………………………………………………………………………….........8Isiqephu 2………………………………………………………………………………...20Isiqephu 3………………………………………………………………………………...32Isiqephu 4………………………………………………………………………………...44Isiqephu 5………………………………………………………………………………...56Isiqephu 6………………………………………………………………………………...68Isiqephu 7………………………………………………………………………………...80Isiqephu 8………………………………………………………………………………...92Isiqephu 9……………………………………………………………………………….104Isiqephu 10……………………………………………………………………………...115Isiqephu 11……………………………………………………………………………...127Isiqephu 12……………………………………………………………………………...138Isiqephu 13……………………………………………………………………………...150Isiqephu 14……………………………………………………………………………...162Isiqephu 15……………………………………………………………………………...173Isiqephu 16……………………………………………………………………………...185Isiqephu 17……………………………………………………………………………...196Isiqephu 18……………………………………………………………………………...207Isiqephu 19……………………………………………………………………………...219Isiqephu 20……………………………………………………………………………...231Isiqephu 21……………………………………………………………………………...243Isiqephu 22……………………………………………………………………………...254Isiqephu 23……………………………………………………………………………...265Isiqephu 24……………………………………………………………………………...277Isiqephu 25……………………………………………………………………………...289Isiqephu 26……………………………………………………………………………...300Isiqephu 27……………………………………………………………………………...311Isiqephu 28……………………………………………………………………………...322Isiqephu 29……………………………………………………………………………...333 SSSSSSSSSS 6
Isiqephu 30……………………………………………………………………………...344Isiqephu 31……………………………………………………………………………...354Isiqephu 32……………………………………………………………………………...364Ingxoxo…………………………………………………………………………………377Imithombo Yolwazi…………………………………………………………………….391SSSSS7S
UMSAKAZO UKHOZI FM ENINGIZIMU AFRIKA
ELIKABANI LELI PHUTHA? ISIQEPHU 1 UMBHALI: SIPHO ALBERT NTOMBELA
ABADLALI:  1. MZIMELA  2. MTSHALI  3. MPHATHISIKOLE  4. MAGUDULELA  5. ZWANE  6. PHUPHU  7. SHELEMBE
8
Voir icon more
Alternate Text